Sibonga okuncane Sibonga okukhulu Lyrics
- Genre:Hip Hop & Rap
- Year of Release:2023
Lyrics
Phebez ulwembu kulezinhlelo abayibiza ngamaphupho
Bhala msizi wami bhala ngeqholo ibali lejongo
Ulandise okungamaginxiginxi aloluhambo
Oluyinzalo yeyifiso namaphupho
Khona akuzona izizumbulu noma izindodla zemali
Uthando inkuthazo neyibusiso ezimbalabala hah hah
Ezimbalabala hah hah hahha
Nina benkayishana kaMenzi eyaphuz umlaza ngameva izandla zengamele ukhakhayi
Kusathanda ukuba bucayi
Nokho okungihlaba umxhwele ikhona
Ukuma nathi sishayekile kwazise neleNgqwele liyopha
Ngiyobe nginqobe lukhulu mangingafanga
Before my time , ngayiNgakara
Kept my head above the water ngok'cwila eyinkambini zikafaro
Makunzima ubothandaza , ubonge onakho
It is not much kodwa uyaphila noma ungenazo izizumbulu
Noma izindodla zemali
Uthando inkuthazo neyibusiso ezimbalabala hah hah
Ezimbalabala hah hah hahha
Khona akuzona izizumbulu noma izindodla zemali
Uthando inkuthazo neyibusiso ezimbalabala hah hah
Ezimbalabala hah hah hahha