Zulu umuhle Lyrics
- Genre:Hip Hop & Rap
- Year of Release:2022
Lyrics
Khona nje singakhala kodwa akufani , akabongwe ophezulu
Kwasho umuntu mumbe , wathi yithi abantu zulu umuhle
Nina besilo , umkhono unodaka kowakwabo like lasishonela emini
Kukhothama ubhejane phuma esiqiwini ,Ke kwavuka iminjunju mhla kuhlwa
Wasophula osizini sacusha, themba lavuseleleka kabusha
Zinyane lembube lagcotshwa labusa Imizi yobaba isathusa
Kodwa ke noma ngabe ezodaka kusekhaya
Umdali akayona into yokuganga kohlangana
Noma okunye okusehlele kungekuhle njalo uZulu Muhle njalo
Khona nje singakhala kodwa akufani , akabongwe ophezulu
Kwasho Umuntu mumbe , wathi yithi abantu zulu umuhle
Libulale umumbo lasa , lase liduba ladla umunga
EsikaBhusha simanaphanapha
Ukhovethe ziwukhombe buqamama athi amajongo iqubuke sakudlala
Akhala bukhoma enyameni , abhonywa ngenkemba amajongo
Ase exebuka okwesihlahla siyichezula amagxolo
Sabhonga amagoso nje ewolwa emalibeni ikusasa lakhonjwa ngeminwe
Bawumnikelo isihogo sashoda ngeminye
Umuntu usinde kulamanyala , songena nje silinde elamanqamu
Loshuni sawuthola usuzinze kuSlwane yasicobelela ingwe enamabala
Umuntu usinde kulamanyala , songena nje silinde elamanqamu ,
Shuni sawufica ucokeme ukuSlwane somhlola yasicobelela ingwe enamabala