Bazele Abanye Omama ft. Khaya Bee
- Genre:Afrobeats
- Year of Release:2022
Lyrics
you will forever be my always,ngoba angikho msulwa nami nginamaphutha nginoku khuluma ngingacabangi kwezinye izinkathi ngiz'thole sengibheda , ngokuhleka Noma ngafanele ngihleke ent'engahlekisi , nginezibazi zabantu abangiziswa ubuhlungu ngama bomu .mhlampe ngyahlanya kancane nami angzazi , mhlampe futhi angeke ngisa shitsha , uyangithanda Noma awungithandi mhlampe udlala ngami kodwa nakhu engifuna ukwazi ngami . Mina uma ngikuthanda , ngizokuthanda ngenhliziyo Yami yonke . Nginikelle konke okwami kuwe ngaphandle kokngabaza , kodwa njengamanje umakuthiwa khona into engifisa ukupha yona empilweni yakho ngakupha isipho sokwazi ukuzibona wena ngamehlami ngalondlela uzokwazi ukuzibona ukuthi ubaluleke kanJani empilweni Kimi .Awu Bazele abany'omama ngaphandle wamuhle ngathi imbali iqakaza Kona umay'sehleka kuthi ang'zule , awu baby Ngyakuthanda , ngyakthanda Kona Bazele abany'omama ngaphandle mmh abany'omama ngaphandle, ohk mhlangiqala ukukubona ngathi uma ngikubheka eynhlamvini zamehlo angibonanga wea kuphela , kodwa ngabona inamhla lakho ngabona ingomuso neksasa lami , nempilo yami yonke kuwe emehlweni akho ngithole isbuko somphefumulo wami ngingaphemba ilangabi lomLilo ngalomuzwa engiwuzwa ngaphakathi Kimi nawe ngigifisa ukuchaza ngahl'akho , ngifisa ukuchaza ukuthi iphimbo lakho lenzani eswini Sami njalo mangilizwa kundiza izimvemvane ngaphakathi Kimi , ngifisa ukuchaza ngoncumolwakho Lukitaza inhliziyo yami ukuthi njalo manginawe ngizizwe ng'phelelwe amandla ungadlali ngami ngyakuthanda ungacabangi ukungilahla ngoba ngzolimala , eqinisweni kuningi engakusho ngawe ngakhuluma ngichaze ngobuhle bakho , nenjabulu ofike nayo empilweni yami usuku lonke lize lyoshana nelanga kodwa kyobe ngaphelele kuseningi engifisa ukusho ngawe kumanje , ngifisa wazi ukuthi ukuthi oh Mina ngithanda ubuhle bakho ndlomvukazi , umoy'uphansi awuthandi ukugxazi igazi akambheki emehlweni yooh phela ngabe umfazi yazi Mina apha kumi uyohlezi uy'ntandokazi umungahlala nami uthembe Mina ngzokutheng'imali awsemuhle ilanga ngilifanisa nawe , undenza ntoni na ngabanenhloni umang'bona uvalo ngishawe nguwe , umungahlala nami uthembe Mina ngzokutheng'imali awsemuhle ilanga ngilifanisa nawe undenza ntoni na ngabanenhloni umang'bona uvalo ngishawe nguwe,Ngifuna wazi ukuthi wena ungokhethiweyo Kimi angyazi impilo ingaba yini ngaphandle kwakho ngoba uma ngithi Ngyakuthanda njalo angisho ngoba naku sekyinto engijwayele ukuyisho kodwa ngisuke ngifuna ukukhumbuza ukuthi wena wimpilo Yami qobo lwayo Kimi , lalela mntano muntU okunye okumele ukwazi ngami ukuthi ngimishakele Mina ngaphakathi futhi ngicasulwa ubala angincengi ngyashesha nok'dinwa Mina nginJalo nje nginombusuku lapho ngifuna ukuzigoqa ngengubo ngakhulumi namuntu ngikhale kuze kulamule ubuthongo ngizodinga wena ukuthi ungangibuzi lutho kunalokho engbeke isandla sakho emhlane ung'shushuzele ngize ngzumeke angeke ngikuxoxela konke ngami okunye ngizokugcina Kimi , ngidinga wena ukuthi ungithande , ungithande ngeqiniso Noma ngabe kunjani , ngidinga wea ukuba uve uvo nami ungangidedeli ungibambe ngesandla ngikhethe wea ngoba wena ungokhethiweyo Kimi uyingelosi uqobo lwayo , ngifuna wena ube indlu Yami yokugugela mhla ngiphela amandla , ngifuna wazi ukuthi kuzochitha iskhathi ukuthi nami ngikuthembe ngoba wonke umuntU ungishiyile ngasala ngedwa abanye baqamba amanga abangathembeka Kimi ekugcineni abanye abantu kunami , iskhathi eziningi ngzohlale ngikudinga , ngzokudinga , ngizodinga ukuthi Noma ngabe kwenzakalani phakathi kwethu uhlale ukhetha Mina , ngizodinga ubambe ugcingo lwakho Noma ngabe ngikufonela nanini ngisho phakathi kwamabibili ungiphendule mangikubhalela into ngithi ngyakudinga , ngyakudinga ngyazazi ngyatetema okumanje engifuna ukwenza ukukhala kakhulu ngimemeze , ngikhale ngikhiphe konke ukungaphakathi Kimi ngisale nenjabulo yakho yodwa , angaz Noma uzwakwazi yini ukungthanda nalezi nkinga zami kodwa Mina engikwaziyo ukuthi ngizokuthanda , Ngyakuthanda futhi ngizimisele ukubeka injabulo yakho phambili kuna yami uqobo lwayo angazi Noma uyangizwa yini ngoba kumanje ngyakudinga , awu Bazele abany'omama ngaphandle
Similar Songs
More from Kwazi Nsele
Listen to Kwazi Nsele Bazele Abanye Omama ft. Khaya Bee MP3 song. Bazele Abanye Omama ft. Khaya Bee song from album Iphupho Lika Thulisile is released in 2022. The duration of song is 00:04:51. The song is sung by Kwazi Nsele.
Related Tags: Bazele Abanye Omama ft. Khaya Bee, Bazele Abanye Omama ft. Khaya Bee song, Bazele Abanye Omama ft. Khaya Bee MP3 song, Bazele Abanye Omama ft. Khaya Bee MP3, download Bazele Abanye Omama ft. Khaya Bee song, Bazele Abanye Omama ft. Khaya Bee song, Iphupho Lika Thulisile Bazele Abanye Omama ft. Khaya Bee song, Bazele Abanye Omama ft. Khaya Bee song by Kwazi Nsele, Bazele Abanye Omama ft. Khaya Bee song download, download Bazele Abanye Omama ft. Khaya Bee MP3 song